Imininingwane yokusebenzisa idivayisi ye-USB HDD ukuze urekhode (Ngohlobo lokurekhoda lwe-USB HDD kuphela)
Khetha i- embhalweni ukuze weqele esikrinini esihlobene samasethingi.
Amamodeli okurekhoda e-HDD ye-USB ane-[Ukusetha idivayisi yokurekhoda] ku- [Izilungiselelo].
- Idivayisi ye-USB HDD kumelwe isetshenziselwe ukurekhoda ngokuqondile. Sebenzisa idivayisi ehlukile ye-USB HDD ukuze ubuke izithombe namavidiyo.
- Lesi sici sitholakala ezinhlobweni ezithile kuphela e-Europe, e-Australia ne-New Zealand.
- Ngama-USB HDD angaphezu kuka-32 GB kuphela avumelekile.
- Ukuxhuma idivayisi ye-USB HDD embotsheni ye-USB engavunyelwe. Xhuma idivayisi ku-TV ngokuqondile.
- Noma yini egcinwe kudivayisi ye-USB HDD izosuka lapho ifomethiwa ngokuqondene nokuyibhalisa. Idivayisi ye-USB HDD angeke isebenze kwi-PC lapho nje isibhaliselwe ukusebenza ku-TV. Ukuze idivayis ye-USB HDD isebenze kwi-PC, yifomethe nge-PC. (Qaphela ukuba noma yini ekuleyo divayisi ye-USB HDD izosuka.)
- Ungakwazi ukubhalisa amadivayisi e-USB HDD angu-8.
- Yile TV kuphela ezokwazi ukudlala okurekhodwe ku-USB HDD ebhaliswe kule TV.
- Ukurekhoda kuzosebenza kuphela uma i-TV nomsakazo kungokwedijithali. Ukurekhoda kwedatha yemisakazo akuvunyelwe.
- Amaza avikelwe/avaliwe angeke arekhodeke.
- Angeke ukwazi ukurekhoda ngaphansi kwalezi zimo ezilandelayo:
- I-TV angeke iyazi idivayisi ye-USB HDD ebhalisiwe.
- Zingaphezu kuka-1 000 izinhlelo ezingarekhodiowa kudivayisi ye-USB HDD.
- Idivayisi ye-USB HDD igcwele.
- Angeke ukwazi ukukhetha uhlelo ngokuzenzakalelayo lapho lirekhodiwa.
- Angeke ukwazi ukurekhoda uhlelo ngaphandle kwalapho uvumelekilekuba urekhode.
- Uma i-TV ingaphazamiseka phakathi nokurekhoda ku-USB HDD, kuzoba nomsido kulokho okurekhodwayo.
- Abakwa Sony abathinteki ndawo ngokumosheka kwalokho okurekhodayo, ukumosheka kwanoma yini, noma ukulahleka kwalokho okurekhodiwe ngenxa yokungasebenzi kahle kwe-TV, ukulahlela kwamaza, noma ngabe iyiphi enye inkinga.