Phrinta

Ukulungisa umsakazo womsindo

Emva kokuxhuma umskazo womsindo ku-TV, lungisa ukuzwakala komsindo kusistimu yomsindo.

Ukulungisa isistimu yomsindoexhunywe ngentambo ye-HDMI noma ngentambo ebonakalayo yedijithali

  1. Emva kokuxhuma i-TV kusistimu yomsindo, cindezela inkinobho u- ACTION MENU, bese ukhetha [Izipikha] — [Isistimu ye-Audio].
  2. Vula isistimu yomsindo exhunyiwe, bese ulungisa ivolumu.
    Uma uxhuma i-BRAVIA Sync-into ehambisana ne-HDMI ukuxhumana, ungayisebenza ngokusebenzisa nje irimothi ye-TV.

Qaphela

  • Udinga ukwenza u-[Ukuphuma kwe-audio yedijithali] ukuhlela ngokwe sistimu yakho yomsindo. Cindezela inkinobho HOME, bese ukhethe [Izilungiselelo] — [Umsindo] — [Ukuphuma kwe-audio yedijithali].
  • Uma isistimu yomsindo ingahambisani ne-Dolby Digital noma ne-DTS, setha okuthi [Izilungiselelo] — [Umsindo] — [Ukuphuma kwe-audio yedijithali] kuya ku-[PCM].

Ukulungisa isistimu yomsindo exhunywe nekhebuli yomsindo

  1. Emuva kokuxhuma i-TV kusistimu yakho yomsindo, cindezela inkinobho HOME, bese ukhethe [Izilungiselelo] — [Umsindo] — [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] — [Audio out (Fixed)].
  2. Vula isistimu yomsindo exhunyiwe, bese ulungisa ivolumu.

Qaphela

  • Uma isistimu yomsindo ingahambisani ne-Dolby Digital noma ne-DTS, setha okuthi [Izilungiselelo] — [Umsindo] — [Ukuphuma kwe-audio yedijithali] kuya ku-[PCM].

Icebiso

  • Uma usebenzisa isistimu yomsindo wangaphandle, umsindo ophumayo we TV ungenziwa ngokusebenzisa irimothi ye-TV uma [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] ihlelwe uku [Audio out (Variable)]. Cindezela inkinobho HOME, bese ukhetha [Izilungiselelo] — [Umsindo] — [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] — [Audio out (Variable)].
  • Uma uxhuma i-subwoofer, cindezela ibhathini HOME, bese ukhethe [Izilungiselelo] — [Umsindo] — [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] — [Subwoofer].