Ukulungisa umsakazo womsindo
Khetha i- embhalweni ukuze weqele esikrinini esihlobene samasethingi.
Emva kokuxhuma umskazo womsindo ku-TV, lungisa ukuzwakala komsindo kusistimu yomsindo.
Ukulungisa isistimu yomsindoexhunywe ngentambo ye-HDMI noma ngentambo ebonakalayo yedijithali
- Ngemuva kokuxhuma i-TV kusistimu yakho yomsindo, cindezela inkinobho ACTION MENU, bese ukhethe i-[Izipikha] — [Isistimu ye-Audio].
- Vula isistimu yomsindo exhunyiwe, bese ulungisa ivolumu.
Uma uxhuma i-BRAVIA Sync-into ehambisana ne-HDMI ukuxhumana, ungayisebenza ngokusebenzisa nje irimothi ye-TV.
Qaphela
- Udinga ukwenza u-[Ukuphuma kwe-audio yedijithali] ukuhlela ngokwe sistimu yakho yomsindo. Cindezela inkinobho HOME, bese ukhetha [Izilungiselelo] — [Ukubonisa Nomsindo] — [Ukuphuma kwe-audio] — [Ukuphuma kwe-audio yedijithali].
- Uma isistimu yomsindo ingahambisani ne-Dolby Digital noma ne-DTS, setha okuthi [Izilungiselelo] — [Ukubonisa Nomsindo] — [Ukuphuma kwe-audio] — [Ukuphuma kwe-audio yedijithali] kuya ku-[PCM].
Icebiso
- Uma isistimu ekhethekile yomsindo ixhunywe ngekhebula ye-HDMI, ungalungisa isikhathi somphumela kwesithombe nomsindo.
Ukuthola imininingwane ngamamodeli asekelwayo, bheka isayithi yosekelo.
Ukulungisa isistimu yomsindo exhunywe nekhebuli yomsindo
- Ngemuva kokuxhuma i-TV kusistimu yakho yomsindo, cindezela inkinobho HOME, bese ukhethe i-[Izilungiselelo] — [Ukubonisa Nomsindo] — [Ukuphuma kwe-audio] — [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] — [Audio out (Fixed)].
- Vula isistimu yomsindo exhunyiwe, bese ulungisa ivolumu.
Qaphela
Icebiso
- Uma usebenzisa isistimu yomsindo wangaphandle, umsindo ophumayo we TV ungenziwa ngokusebenzisa irimothi ye-TV uma [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] ihlelwe uku [Audio out (Variable)]. Cindezela inkinobho HOME, bese ukhethe [Izilungiselelo] — [Ukubonisa Nomsindo] — [Ukuphuma kwe-audio] — [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] — [Audio out (Variable)].
- Uma uxhuma i-subwoofer, cindezela inkinobho HOME, bese ukhethe i-[Izilungiselelo] — [Ukubonisa Nomsindo] — [Ukuphuma kwe-audio] — [Isifakwakhanda/Ukuphuma kwe-audio] — [Subwoofer].